Where: Nquthu, KwaZulu Natal.
When: 12th July 2014
Umemulo unjengomshado, usuke uwumakoti ushadiswa nabakini, umhlwehlwe usuke umele i-veil. Ube futhi uyafana ne – 21st yesizulu, ngoba uma umuntu wesifazane emuliswa usuke unikwa ukhiye ukuthi usengakhululeka agane.
Igama lami ngingu-Comfort BZ Gwala, ngiphila impilo yobu Lesbian engizalwe nayo, abazali bami bangigcinele usiko lokungukhulisa ngokwesizulu (umemulo) obungomhlaka 12 July 2014, endaweni yase-Nquthu.
Ngacela Inkanyiso ukuba izongithathela izithombe zomcimbi wami obe yigugu elikhulu kimi. Ngosizo lweNkanyiso nabangaphumelanga ukuba khona, iNkanyiso izobathatha ibabeke ngezithombe ngakho konke okwakwenzeka, nokwaba okokuqala emlandweni ukumula kwe Lesbian.
Ukwenzelwa kwami umemulo kungijabulisile, noma bengisaba ukugqoka isidwaba ngoba abantu abaningi endaweni bebazi ukuthi ngiwumfana, negenge yabafana engiphila nayo, abaningi bathukile, abanye bebuza kumina ukuthi ubani ozomula kini? Ngivele ngithi omunye udadewethu ngisaba ukuthi imina.
Ngendlela ekwakugcwele ngayo?
Bathi babefuna ukubona i-lesbian imula.
La izinsizwa zazigiya zingilande emfuleni sesiya esigcawini.
![IMG_0264]()
Isibopho esifakwe umama ekhanda, esokuvimba ukuthi umoya ungabi khona.
Netshali alibeke emahlombe. Umoya nje, just a wind, kuba nomoya omkhulu ongadiliza izindlu. Kuvinjwa wona.
La ekushunqa khona intuthu, kusendlini yakwa gogo, umama usishisela impepho mina newele lami, kumi imbuzi yewele kodwa ayivelanga. Ubika umsebenzi emsamu.
Lesi ngiguqile umfwethu ubambe umhlwehlwe awukhipha emanzini, uzongigqokisa wona. Lesi engihleli khona phansi, ngase ngembeswa, abakomalume nabakamkhwenyana kadade wethu omncane.
Isithombe esinokhamba , njengoba ngangihleli emfuleni, nabadala abangasekho basuke bekhona, ukhamba kusuke kuwolwabo, kodwa baphuzelwa imina kancane, ngihabule.
![IMG_0210]()
![IMG_0200]()
![IMG_0134]()
… uma umuliswa ubizwa ngomakoti, umalume wakho olande kuyena umkhonto ubizwa ngomkhwenyana.
Ukwenzelwa kwami umemulo kungijabulisile, noma bengisaba ukugqoka isidwaba ngoba abantu abaningi endaweni bebazi ukuthi ngiwumfana, negenge yabafana engiphila nayo, abaningi bathukile, abanye bebuza kumina ukuthi ubani ozomula kini? Ngivele ngithi omunye udadewethu ngisaba ukuthi imina. Ngendlela ekwakugcwele ngayo? Bathi babefuna ukubona i Lesbian imula.
![IMG_0458]()
Lo owedansane e blue, umfowethu olama ongilamayo, uwu number 3, lo owe jersey eli black & whites, umzala wami uyena omele umalume ngoba akasekho, u-Bheki Mthembu, umfowethu uKwazi Gwala, abahleli phansi omzala bonke bazalwa omalume.
![IMG_0205]()
![IMG_0203]()
Isidwaba siyisembatho sakwazulu, imvunulo yakwa Zulu,esho ukuba umakoti.
Umhlwehlwe njengoba uhlangene uthule usho ukuthi ngiseyi virgin kodwa kade ngaqala ukuqonywa.
Inkomo nenkonyane, kwakuzidlela nje, akuhlangene nomemulo.
![IMG_0115]()
Imali ekhanda usuka uphiwa , iyaye ikhokhe izikweletu ezenziwe ngomsebenzi.
Engikwenzelwe umama, ngiyakusaba, angazi ngiyomjabulisa ngani?
Ngifisa sengathi bonke omama abazele ama Lesbians bengawakhombisa uthando bawamukele njengabantwana babo.
Ne Nduna ephethe ingimangazile ukuthi isukume ize emcimbini womuntu ofana nami, ikhombise ukungacwasi ngokobulili, yaze yasho kwabayi intervier yathi umuntu uphila impilo ayithandayo.
Lokho kwangijabulisa…
![IMG_0429]()
![IMG_0508]()
![IMG_0467]()
![IMG_0132]()
Lapha ngikhashwe izintombi ezihlolwayo zasendaweni, ezihamba umhlanga, ezingakaze zihlangane nomuntu wesilisa.
Kulesithombe ngihlezi nomama wami.
... eyokuzibona ngigqoke u bra ingithusile, bengiqala, ngingakwazi nokuwugqoka, umama wayengithengele oveza i cleavage, ngawunqaba. Usisi wami wangithengela
o right, kona iyona part eyabanzima ukudlula ukufaka isidwaba.
Umphakathi waseNquthu, obaba omama nabafana bakhona, bayaphila, bengicabanga ukuthi bazongixwaya emva kokungibona ukuthi ngiyintombazane, kodwa bavele baqhubeka ngendlela abebengithatha ngayo, nobaba bendawo basangibiza ngo ndodana.
Uma uphila impilo yobuqenge ezindaweni zasemakhaya, akunankinga njengasemalokishini, ngoba kunemithetho eqinile evikela wonke umuntu, njengokudlwengulwa kwama Lesbian, akwenzeki, nokuhlukunyezwa kwawo,
Inkinga engiba nayo mina emakhaya, uma kuhlatshiwe kuba nzima ukuthi ngizohlala nobani? Angingeni esibayeni ukuyodla inhloko namadoda, amantombazane ayangixwaya uma ngidla esithebeni sawo. Ngigcina ngihlaliswa ngedwa. Kube buhlungu kimi.
Photos by Lindeka Qampi commissioned by Zanele Muholi